1 Usamuweli 11:8-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Wababala eBezeki; abantwana bakwa-Israyeli babe yizinkulungwane ezingamakhulu amathathu, nabantu bakwaJuda babe yizinkulungwane ezingamashumi amathathu.

9. Bathi kuzo izithunywa ezazifikile: “Niyakusho kanje kubantu baseJabeshi Gileyadi, nithi: ‘Kusasa lapho ilanga libalele niyakukhululwa.’ ” Izithunywa zafika, zabatshela abantu baseJabeshi; bathokoza.

10. Ngalokho abantu baseJabeshi bathi: “Kusasa siyakuphumela kini, nenze kithi konke okuhle emehlweni enu.”

11. Kwathi ngangomuso uSawule waviva abantu ngezigaba ezintathu; bafika phakathi kwekamu* ngomlindo wokusa, babulala abakwa-Amoni, laze lashisa ilanga; kwathi abaseleyo bahlakazeka, akusalanga kubo ababili bendawonye.

1 Usamuweli 11