1. Kwenyuka uNahashi wakwa-Amoni, wamisa eJabeshi Gileyadi; bonke abantu baseJabeshi bathi kuNahashi: “Yenza isivumelwano nathi, siyakukukhonza.”
2. UNahashi wakwa-Amoni wathi kubo: “Ngiyakusenza nani ngalokhu ukuba kukhishwe onke amehlo enu okunene, ngikubeke kube yihlazo kuye wonke u-Israyeli.”
3. Amalunga aseJabeshi athi kuye: “Siyeke izinsuku eziyisikhombisa ukuba sithume izithunywa emikhawulweni yonke yakwa-Israyeli; uma kungekho osisindisayo, siyakuphumela kuwe.”
4. Izithunywa zafika eGibeya likaSawule, zakhuluma lawo mazwi ezindlebeni zabantu; bonke abantu badazuluka, bakhala.
5. Bheka, uSawule weza elandela izinkabi, evela ensimini; uSawule wathi: “Yini ukuba abantu bakhale na?” Bamtshela amazwi abantu baseJabeshi.
6. UMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kukaSawule esezwile lawo mazwi; intukuthelo yakhe yavutha kakhulu.
7. Wathatha izinkabi ezimbili, wazihlahlela, wazithuma emikhawulweni yonke yakwa-Israyeli ngesandla sezithunywa, ethi: “Ongaphumi emva kukaSawule noSamuweli kuyakwenziwa kanjalo kuzo izinkabi zakhe.” Ingebhe ngoJehova yehlela phezu kwabantu, baphuma njengomuntu munye.