1 Usamuweli 10:6-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. uMoya kaJehova uyakwehlela phezu kwakho, uyakuprofetha kanye nabo, uphenduke omunye umuntu.

7. Kuyakuthi lapho lezo zibonakaliso sezifikile kuwe, wenze esikufumanayo isandla sakho, ngokuba uNkulunkulu unawe.

8. “Uyakwehla phambi kwami ukuya eGiligali; bheka, ngiyakwehlela kuwe ukuba nginikele ngeminikelo yokushiswa, ngihlabe imihlatshelo yokuthula; uyakuhlala izinsuku eziyisikhombisa, ngize ngifike kuwe, ngikutshele oyakukwenza.”

9. Kwathi esefulathela emuka kuSamuweli, uNkulunkulu waphendukisa inhliziyo yakhe yaba ngenye; zonke lezo zibonakaliso zafika ngalona lolo suku.

10. Lapho sebefike khona entabeni, bheka, iviyo labaprofethi lahlangana naye; uMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kwakhe, waprofetha phakathi kwabo.

11. Kwathi bonke ababemazi kuqala sebebona ukuthi waprofetha nabaprofethi, abantu bathi omunye komunye: “Kuyini lokhu okwehlele indodana kaKishi na? Kanti naye uSawule uphakathi kwabaprofethi na?”

12. Kwaphendula umuntu wakhona, wathi: “Ngubani uyise na?” Ngalokho kwaba yisaga ukuthi: “Naye uSawule uphakathi kwabaprofethi na?”

13. Eseqedile ukuprofetha wafika endaweni ephakemeyo.

14. Uyisekazi kaSawule wathi kuye nasencekwini yakhe: “Nike naya ngaphi na?”Wathi: “Besiye kufuna izimbongolo; lapho sesibonile ukuthi azikho, sase siya kuSamuweli.”

15. Uyisekazi kaSawule wathi: “Ake ningitshele: Utheni kini uSamuweli na?”

16. USawule wathi kuyisekazi: “Usitshele impela ukuthi izimbongolo zitholiwe.” Kepha indaba yombuso akhuluma ngayo uSamuweli akamtshelanga yona.

17. USamuweli wabizela abantu kuJehova eMispa;

18. wathi kubantu bakwa-Israyeli: “UJehova uNkulunkulu ka-Israyeli usho kanje, uthi: ‘Ngenyusa u-Israyeli eGibithe, nganophula esandleni sabaseGibithe nasesandleni sayo yonke imibuso eyanicindezelayo;’

19. kepha namuhla nimlahlile uNkulunkulu wenu, yena owanisindisa ezingozini zenu zonke nasezinsizini zenu, nishilo nathi: ‘Hhayi, kepha beka inkosi phezu kwethu.’ Ngalokho yimani phambi kukaJehova ngezizwe zenu nangezinkulungwane zenu.”

20. USamuweli wayesesondeza zonke izizwe zakwa-Israyeli, kwadliwa isizwe sakwaBenjamini.

21. Wayesesondeza isizwe sakwaBenjamini ngemindeni yabo, kwadliwa umndeni wakwaMatri; kwadliwa uSawule indodana kaKishi; kepha lapho bebemfuna, akafunyanwanga.

1 Usamuweli 10