17. USamuweli wabizela abantu kuJehova eMispa;
18. wathi kubantu bakwa-Israyeli: “UJehova uNkulunkulu ka-Israyeli usho kanje, uthi: ‘Ngenyusa u-Israyeli eGibithe, nganophula esandleni sabaseGibithe nasesandleni sayo yonke imibuso eyanicindezelayo;’
19. kepha namuhla nimlahlile uNkulunkulu wenu, yena owanisindisa ezingozini zenu zonke nasezinsizini zenu, nishilo nathi: ‘Hhayi, kepha beka inkosi phezu kwethu.’ Ngalokho yimani phambi kukaJehova ngezizwe zenu nangezinkulungwane zenu.”
20. USamuweli wayesesondeza zonke izizwe zakwa-Israyeli, kwadliwa isizwe sakwaBenjamini.
21. Wayesesondeza isizwe sakwaBenjamini ngemindeni yabo, kwadliwa umndeni wakwaMatri; kwadliwa uSawule indodana kaKishi; kepha lapho bebemfuna, akafunyanwanga.
22. Babuye babuza uJehova ukuthi: “Usezakufika lowo muntu na?”UJehova waphendula wathi: “Bheka, ucashile empahleni.”