1 Usamuweli 10:11-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. Kwathi bonke ababemazi kuqala sebebona ukuthi waprofetha nabaprofethi, abantu bathi omunye komunye: “Kuyini lokhu okwehlele indodana kaKishi na? Kanti naye uSawule uphakathi kwabaprofethi na?”

12. Kwaphendula umuntu wakhona, wathi: “Ngubani uyise na?” Ngalokho kwaba yisaga ukuthi: “Naye uSawule uphakathi kwabaprofethi na?”

13. Eseqedile ukuprofetha wafika endaweni ephakemeyo.

14. Uyisekazi kaSawule wathi kuye nasencekwini yakhe: “Nike naya ngaphi na?”Wathi: “Besiye kufuna izimbongolo; lapho sesibonile ukuthi azikho, sase siya kuSamuweli.”

15. Uyisekazi kaSawule wathi: “Ake ningitshele: Utheni kini uSamuweli na?”

16. USawule wathi kuyisekazi: “Usitshele impela ukuthi izimbongolo zitholiwe.” Kepha indaba yombuso akhuluma ngayo uSamuweli akamtshelanga yona.

17. USamuweli wabizela abantu kuJehova eMispa;

18. wathi kubantu bakwa-Israyeli: “UJehova uNkulunkulu ka-Israyeli usho kanje, uthi: ‘Ngenyusa u-Israyeli eGibithe, nganophula esandleni sabaseGibithe nasesandleni sayo yonke imibuso eyanicindezelayo;’

1 Usamuweli 10