1 Usamuweli 1:25-28 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

25. Bahlaba inkunzi, bamyisa umntwana ku-Eli.

26. Wathi: “E nkosi, kuphila komphefumulo wakho, nkosi yami, ngingowesifazane owayemi kuwe lapha, ekhuleka kuJehova.

27. Ngamkhulekela lo mntwana; uJehova unginikile lokho engakucela kuye;

28. ngalokho nami ngimnikele kuJehova; zonke izinsuku zokuphila kwakhe unikelwe kuJehova.” Bakhuleka kuJehova khona.

1 Usamuweli 1