1 Usamuweli 1:24-27 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

24. Eseyilumulile wenyuka nayo enezinkunzi ezintathu, ne-efa* lempuphu, nemvaba yewayini, wakuyisa endlini kaJehova eShilo; umntwana wayesemncane.

25. Bahlaba inkunzi, bamyisa umntwana ku-Eli.

26. Wathi: “E nkosi, kuphila komphefumulo wakho, nkosi yami, ngingowesifazane owayemi kuwe lapha, ekhuleka kuJehova.

27. Ngamkhulekela lo mntwana; uJehova unginikile lokho engakucela kuye;

1 Usamuweli 1