24. Eseyilumulile wenyuka nayo enezinkunzi ezintathu, ne-efa* lempuphu, nemvaba yewayini, wakuyisa endlini kaJehova eShilo; umntwana wayesemncane.
25. Bahlaba inkunzi, bamyisa umntwana ku-Eli.
26. Wathi: “E nkosi, kuphila komphefumulo wakho, nkosi yami, ngingowesifazane owayemi kuwe lapha, ekhuleka kuJehova.
27. Ngamkhulekela lo mntwana; uJehova unginikile lokho engakucela kuye;