1 Usamuweli 1:2-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. wayenabafazi ababili, igama lomunye lalinguHana, igama lomunye lalinguPhenina; uPhenina wayenabantwana, kepha uHana wayengenabantwana.

3. Lowo muntu wenyuka emzini wakhe iminyaka ngeminyaka ukukhonza nokuhlabela uJehova Sebawoti eShilo. Kwakukhona lapho amadodana amabili ka-Eli, oHofini noFinehasi, bengabapristi bakaJehova.

4. Kwathi ngosuku u-Elkana ahlaba ngalo, wanika uPhenina umkakhe nawo onke amadodana akhe namadodakazi akhe izabelo;

5. kepha wanika uHana isabelo siphindwa kabili, ngokuba wayemthanda uHana, kepha uJehova wayesivalile isizalo sakhe.

6. Isitha sakhe samncokoloza kakhulu ukuba amthukuthelise, ngokuba uJehova wayesivalile isizalo sakhe.

7. Kwathi ukuba u-Elkana enze njalo iminyaka ngeminyaka, lapho enyukela endlini kaJehova, wamncokoloza kanjalo; ngalokho wakhala, akadlanga lutho.

8. Wayesethi u-Elkana umyeni wakhe kuye: “Hana, ukhalelani na? Awudli ngani? Inhliziyo yakho idabukeleni na? Angidluli yini amadodana ayishumi kuwe na?”

9. UHana wasukuma, nxa sebedlile eShilo, bephuzile. U-Eli umpristi wayehlezi esihlalweni sakhe ngasensikeni yomnyango wethempeli likaJehova.

10. Umphefumulo wakhe wawunomunyu, wakhuleka kuJehova, wakhala kakhulu.

11. Wenza isithembiso, wathi: “Jehova Sebawoti, ubheke nokubheka ukuhlupheka kwencekukazi yakho, ungikhumbule, ungakhohlwa incekukazi yakho, unike incekukazi yakho umntwana wesilisa, bese ngimnika uJehova zonke izinsuku zokuhamba kwakhe, kungathinti mpuco ekhanda lakhe.”

12. Kwathi esaqhubeka ukukhuleka phambi kukaJehova, u-Eli waqaphela umlomo wakhe.

1 Usamuweli 1