1 Kwabasethesalonika 5:6-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. ngalokho-ke masingalali njengabanye, kodwa masiqwashe, siqonde.

7. Ngokuba abalalayo balala ebusuku, nabadakwayo badakwa ebusuku;

8. kepha thina esingabemini masiqonde, sifake isivikelo sesifuba sokukholwa nesothando, isigqoko sibe yithemba lokusindiswa;

9. ngokuba uNkulunkulu kasimiselanga ulaka kepha ukuba sizuze ukusindiswa ngeNkosi yethu uJesu Kristu

10. owasifelayo ukuba, noma siqwashile noma silele, siphile kanye naye.

11. Ngalokho-ke vuselelanani, nakhane njengokuba futhi nikwenza.

12. Kepha siyanincenga, bazalwane, ukuba nibazi abakhandlekayo phakathi kwenu, nabaniphetheyo eNkosini, nabanilulekayo,

13. nibazisise kakhulu othandweni ngenxa yomsebenzi wabo. Hlalisanani ngokuthula.

14. Kepha siyaniyala, bazalwane, ukuba niluleke abangahambi ngomthetho, nithokozise abadanileyo, nisekele ababuthakathaka, nibabekezelele bonke.

15. Qaphelani ukuba kungabikho ophindisela omunye okubi ngokubi; kepha jongani njalo ukwenza okuhle, omunye komunye nakubo bonke.

1 Kwabasethesalonika 5