1 Kwabasethesalonika 5:14-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. Kepha siyaniyala, bazalwane, ukuba niluleke abangahambi ngomthetho, nithokozise abadanileyo, nisekele ababuthakathaka, nibabekezelele bonke.

15. Qaphelani ukuba kungabikho ophindisela omunye okubi ngokubi; kepha jongani njalo ukwenza okuhle, omunye komunye nakubo bonke.

16. Thokozani njalo;

17. khulekani ningaphezi;

18. kukho konke bongani; ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu kuKristu Jesu ngani.

19. Ningamcimi uMoya;

20. ningakudeleli ukuprofetha;

21. vivinyani konke, nibambisise okuhle;

22. dedani kukho konke okubonakala kukubi.

23. Kepha uNkulunkulu wokuthula, yena uqobo, makaningcwelise ngokupheleleyo, kulondolozwe umoya wenu wonke nomphefumulo nomzimba, kungabi nacala ekufikeni kweNkosi yethu uJesu Kristu.

1 Kwabasethesalonika 5