1 Kwabasethesalonika 5:1-5 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kepha ngezikhathi nangemizuzu, bazalwane, anisweli ukulotshelwa,

2. ngokuba nina uqobo niyazi kahle ukuthi usuku lweNkosi luza njengesela ebusuku.

3. Nxa bethi: “Ngukuthula nokuhlala kahle,” khona ukubhujiswa kuyabazuma njengemihelo ifikela okhulelweyo, abasoze baphunyuka.

4. Kepha nina bazalwane anikho ebumnyameni, ukuze lolo suku lunifice njengesela,

5. ngokuba nina nonke ningabantwana bokukhanya, ningabantwana bemini. Asisibo abobusuku noma abobumnyama;

1 Kwabasethesalonika 5