8. Ngakho-ke owalayo akali umuntu, kepha wala uNkulunkulu, yena oninika uMoya wakhe oNgcwele.
9. Kepha maqondana nothando lobuzalwane anisweli ukuba umuntu anilobele, ngokuba nina uqobo ningabafundisiwe nguNkulunkulu ukuba nithandane;
10. nempela niyakwenza lokho kubo bonke abazalwane abaseMakedoniya lonke. Kepha siyaniyala, bazalwane, ukuba nivame nokuvama kulokho,
11. nikhuthalele ukuhlala ngokuthula, nokwenza okwenu, nokusebenza ngezandla zenu, njengokuba saniyala,
12. ukuze nihambe ngokufaneleyo kwabangaphandle, ningasweli lutho.
13. Kepha asithandi, bazalwane, ukuba ningabi nakwazi ngabalalayo, ukuze ningadabuki njengabanye abangenalo ithemba.
14. Ngokuba uma sikholwa ukuthi uJesu wafa, wavuka, ngokunjalo-ke uNkulunkulu uyakubaletha nabaleleyo kuJesu kanye naye.
15. Ngokuba lokho sikusho kini ngezwi leNkosi ukuthi thina, esisekhona sisasele kuze kube sekufikeni kweNkosi, asiyikubandulela nempela abaleleyo,
16. ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla ezulwini ngezwi lenhlokomo, ngephimbo lengelosi enkulu nangecilongo likaNkulunkulu, nabafileyo kuKristu bayakuvuka kuqala,
17. khona thina, esisekhona sisasele siyakuhlwithwa kanye nabo emafwini, sihlangabeze iNkosi emoyeni; kanjalo-ke siyakuba nayo iNkosi njalo.
18. Ngakho-ke duduzanani ngalawo mazwi.