7. ingani sasingaba namandla okunisinda njengabaphostoli bakaKristu, nokho saba mnene phakathi kwenu njengokuba umdlezane ondla abantwana bakhe.
8. Ngokunjalo lokhu besinilangazelele, sasifuna ukuninika kungesilo ivangeli likaNkulunkulu kuphela, kepha nokuphila kwethu uqobo, ngokuba nase ningabathandekayo kithina.
9. Ngokuba niyakhumbula, bazalwane, ukukhandleka nokushikashikeka kwethu; sisebenza ubusuku nemini, ukuze singasindi noyedwa kinina, sanishumayeza ivangeli likaNkulunkulu.
10. Nina ningofakazi, naye uNkulunkulu, bokuthi sahlala kanjani phakathi kwenu nina enikholwayo ngobungcwele, nangokulunga, nangokungasoleki,
11. njengokuba nazi ukuthi saniphatha abanye ngabanye njengoyise ephatha abantwana bakhe,
12. siniyala, sinimisa isibindi, sifakazela ukuba nihambe ngokufaneleyo phambi kukaNkulunkulu onibizela embusweni nasebukhosini bakhe.
13. Ngalokho nathi sibonga uNkulunkulu singaphezi, ngokuba, kuthe lapho namukela izwi likaNkulunkulu enalizwa ngathi, anilamukelanga njengezwi labantu kepha njengezwi likaNkulunkulu, njengokuba liyilo isibili, elona lisebenza futhi phakathi kwenu nina enikholwayo.
14. Ngokuba nina bazalwane naba ngabalingisi bamabandla kaNkulunkulu aseJudiya akuKristu Jesu, ngokuba nani nahlushwa ngabesizwe sakini, njengalokho nawo ahlushwa ngabaJuda
15. ababulala neNkosi uJesu nabaprofethi, basixosha nathi, bengamthokozisi uNkulunkulu, bemelana nabantu bonke,
16. besivimbela ukukhuluma nabezizwe ukuba basindiswe, ukuze bagcwalise njalo izono zabo; kepha ulaka selufinyelele phezu kwabo ngokupheleleyo.
17. Kepha thina, bazalwane, lokhu besahlukanisiwe nani isikhashana ngobuso kungenganhliziyo, kwaba yikhona sikhuthalela kakhulu ukubona ubuso benu ngokunxanela okukhulu.
18. Ngakho besithanda ukuza kinina, mina Pawulu ngokwami kanye nakabili, kepha uSathane wasivimbela.