1 Kwabasethesalonika 2:10-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. Nina ningofakazi, naye uNkulunkulu, bokuthi sahlala kanjani phakathi kwenu nina enikholwayo ngobungcwele, nangokulunga, nangokungasoleki,

11. njengokuba nazi ukuthi saniphatha abanye ngabanye njengoyise ephatha abantwana bakhe,

12. siniyala, sinimisa isibindi, sifakazela ukuba nihambe ngokufaneleyo phambi kukaNkulunkulu onibizela embusweni nasebukhosini bakhe.

13. Ngalokho nathi sibonga uNkulunkulu singaphezi, ngokuba, kuthe lapho namukela izwi likaNkulunkulu enalizwa ngathi, anilamukelanga njengezwi labantu kepha njengezwi likaNkulunkulu, njengokuba liyilo isibili, elona lisebenza futhi phakathi kwenu nina enikholwayo.

1 Kwabasethesalonika 2