1 Kwabasethesalonika 2:1-5 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ngokuba niyazi nina bazalwane ukuthi ukungena kwethu kinina akubanga yize.

2. Kepha noma sasihlushiwe kuqala saphathwa kabi eFilipi, njengokuba nazi, saba nesibindi kuNkulunkulu wethu sokunishumayeza ivangeli likaNkulunkulu ngokulwa okukhulu.

3. Ngokuba ukuyala kwethu akusikho okokuduka nokokungcola nangenkohliso,

4. kepha njengokuba sivunyiwe nguNkulunkulu ukuba siphathiswe ivangeli, siyakhuluma ngokunjalo, singenzeli ukuthokozisa abantu kepha uNkulunkulu ovivinya izinhliziyo zethu.

5. Ngokuba asizange sibe namazwi okuthopha, njengokuba nazi; asizange futhi sibe nobuqili bokufisa, uNkulunkulu ungufakazi,

1 Kwabasethesalonika 2