Kepha mina angisebenzisanga lutho lwalezo zinto; futhi lokho angikulobanga ukuba kwenziwe kanjalo kimi; ngokuba kungaba ngcono kimi ukuba ngife kunokuba umuntu alwenz' ize udumo lwami.