1 Kwabasekorinte 9:1-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Angikhululekile na? Angisiye umphostoli na? Angimbonanga uJesu iNkosi yethu na? Nina anisiwo umsebenzi wami eNkosini na?

2. Noma ngingesiye umphostoli kwabanye, nokho kinina nginguye, ngokuba uphawu lobuphostoli bami eNkosini yinina.

3. Lokhu kungukuziphendulela kwami kwabangisolayo.

4. Asinalungelo yini lokudla nokuphuza na?

5. Asinalungelo yini lokuhamba nomzalwanekazi ongumkethu njengabanye abaphostoli, nabafowabo beNkosi, noKhefase, na?

6. Kanti yimi kuphela noBarnaba esingenalungelo lokuyeka ukusebenza na?

7. Ngubani oke aye empini ngezakhe izindleko na? Ngubani otshala isivini, angazidli izithelo zaso, na? Ngubani owalusa umhlambi, angadli ubisi lomhlambi, na?

8. Lokho ngikusho ngokwabantu nje na? Nomthetho kambe kawusho khona lokho na?

9. Ngokuba kulotshiwe emthethweni kaMose ukuthi: “Ungayifaki inkabi isifonyo, nxa ibhula amabele.” Konje uNkulunkulu ukhathalela izinkabi na?

1 Kwabasekorinte 9