1 Kwabasekorinte 7:6-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Lokho ngikusho ngemvume, angikusho ngomyalo.

7. Nokho ngingathanda ukuba abantu bonke babe njengami; kepha yilowo nalowo unesakhe isiphiwo somusa esivela kuNkulunkulu, omunye kanje, omunye kanje.

8. Kepha ngithi kwabangaganiwe nakubafelokazi: Kuhle kubona, uma behlala benjengami.

9. Kepha uma bengenakuzibamba, mabaganane, ngokuba kuhle ukuganana kunokusha.

10. Kepha abaganeneyo ngiyabayala, kungemina kodwa yiNkosi, ukuthi umfazi kangahlukani nendoda;

11. -- kepha uma eke wahlukana nayo, kahlale engaganile, kumbe abuyisane nendoda yakhe -- nendoda ingamlahli umkayo.

12. Kepha kwabanye kusho mina, akusho iNkosi, ukuthi uma umzalwane enomfazi ongakholwayo, yena-ke evuma ukuhlala naye, angamlahli;

13. nomfazi, uma enendoda engakholwayo, yona-ke ivuma ukuhlala naye, angayishiyi indoda.

14. Ngokuba indoda engakholwayo ingcwelisiwe ngomfazi, nomfazi ongakholwayo ungcwelisiwe ngomzalwane. Uma kungenjalo, abantwana benu ngabe bangcolile; kepha kalokhu bangcwele.

1 Kwabasekorinte 7