1 Kwabasekorinte 7:2-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. Kepha ngenxa yobufebe akube yilowo nalowo abe nowakhe umfazi, nalowo wesifazane abe neyakhe indoda.

3. Indoda ayinike umfazi okumfaneleyo; nomfazi enze njalo endodeni.

4. Umfazi kanamandla phezu kowakhe umzimba, kodwa yindoda enawo; kanjalo nayo indoda ayinamandla phezu kowayo umzimba, kodwa ngumfazi onawo.

5. Ningagodlelani, kuphela kube ngokwesikhathi ngokuvumelana ukuba nithole ithuba lokukhuleka, nibuye nibe ndawonye, ukuze uSathane anganiyengi ngokungazibambi kwenu.

6. Lokho ngikusho ngemvume, angikusho ngomyalo.

7. Nokho ngingathanda ukuba abantu bonke babe njengami; kepha yilowo nalowo unesakhe isiphiwo somusa esivela kuNkulunkulu, omunye kanje, omunye kanje.

8. Kepha ngithi kwabangaganiwe nakubafelokazi: Kuhle kubona, uma behlala benjengami.

9. Kepha uma bengenakuzibamba, mabaganane, ngokuba kuhle ukuganana kunokusha.

10. Kepha abaganeneyo ngiyabayala, kungemina kodwa yiNkosi, ukuthi umfazi kangahlukani nendoda;

11. -- kepha uma eke wahlukana nayo, kahlale engaganile, kumbe abuyisane nendoda yakhe -- nendoda ingamlahli umkayo.

12. Kepha kwabanye kusho mina, akusho iNkosi, ukuthi uma umzalwane enomfazi ongakholwayo, yena-ke evuma ukuhlala naye, angamlahli;

13. nomfazi, uma enendoda engakholwayo, yona-ke ivuma ukuhlala naye, angayishiyi indoda.

14. Ngokuba indoda engakholwayo ingcwelisiwe ngomfazi, nomfazi ongakholwayo ungcwelisiwe ngomzalwane. Uma kungenjalo, abantwana benu ngabe bangcolile; kepha kalokhu bangcwele.

15. Kepha uma ongakholwayo ehlukana nomkakhe, makahlukane naye; umzalwane noma umzalwanekazi kaboshiwe kokunjalo. Kepha uNkulunkulu unibizile nibe nokuthula.

16. Ngokuba wena mfazi, wazi ngani ukuthi ungeyisindise indoda yakho? Nawe ndoda, wazi ngani ukuthi ungemsindise umkakho na?

1 Kwabasekorinte 7