1 Kwabasekorinte 6:4-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Ngakho-ke uma ninamacala alokhu kuphila, niyababeka yini abangenasithunzi ebandleni babe ngabahluleli na?

5. Ngisho lokhu ukuba nibe namahloni. Kunjalo kanti: akukho namunye phakathi kwenu ohlakaniphileyo onganquma phakathi kwabazalwane bakhe na?

6. Kodwa umzalwane umangalela umzalwane, nalokhu akwenze phambi kwabangakholwayo na?

7. Nempela nakalokhu sekuyisici esikini ukuba nimangalelane. Yini ukuba ningavumi nakanye ukoniwa? Yini ukuba ningavumi nakanye ukuphangwa na?

8. Kepha nina uqobo niyona, niyaphanga; nikwenza lokhu nakubazalwane benu.

1 Kwabasekorinte 6