1 Kwabasekorinte 5:11-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. kepha manje nganilobela ukuba ningahlangani nomuntu obizwa ngokuthi ungumzalwane, uma eyisifebe, noma engohahayo, noma engokhonza izithombe, noma eyisithuki, noma eyisidakwa, noma engumphangi; ningaze nadla nokudla nonjalo.

12. Ngokuba nginandabani nokwahlulela abangaphandle na? Nani anahluleli abangaphakathi na?

13. Kepha uNkulunkulu uyakwahlulela abangaphandle. Xoshani omubi phakathi kwenu.

1 Kwabasekorinte 5