1. Kuyezwakala ngempela ukuthi kukhona ubufebe phakathi kwenu, futhi ubufebe bohlobo olungekho ngisho nakwabezizwe, okungukuthi omunye kini uya kumkayise.
2. Kepha nina nikhukhumele kunokuba nga nilila, ukuze akhishwe phakathi kwenu owenze leso senzo.
3. Ngokuba mina ngokwami, noma ngingekho ngomzimba, nokho ngikhona ngomoya, senginqumile ngokungathi ngikhona ngalowo muntu owenze okunjalo ukuba
4. egameni leNkosi uJesu nihlangane nina nomoya wami kanye namandla eNkosi yethu uJesu,
5. onjalo anikelwe kuSathane kukho ukubhubha kwenyama, ukuze umoya usindiswe ngosuku lweNkosi uJesu.