1 Kwabasekorinte 3:17-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

17. Uma umuntu echitha ithempeli likaNkulunkulu, uNkulunkulu uyakumchitha yena, ngokuba ithempeli likaNkulunkulu lingcwele; niyilo-ke nina.

18. Makungabikho ozikhohlisayo; uma umuntu phakathi kwenu ethi uhlakaniphile kulesi sikhathi, akabe yisiwula, ukuze ahlakaniphe.

19. Ngokuba ukuhlakanipha kwaleli zwe kungubuwula kuNkulunkulu. Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Ubamba abahlakaniphileyo ebuqilini babo,”

20. nokuthi: “INkosi iyazazi izizindlo zabahlakaniphileyo ukuthi ziyize.”

21. Ngakho-ke akungabikho ozibongayo ngabantu, ngokuba konke kungokwenu,

22. noma uPawulu, noma u-Apholo, noma uKhefase, noma izwe, noma ukuphila, noma ukufa, noma okukhona, noma okuzakuba khona; konke kungokwenu;

23. nina-ke ningabakaKristu, uKristu ungokaNkulunkulu.

1 Kwabasekorinte 3