1. Nami-ke, bazalwane, bengingenakukhuluma kini njengakwabomoya kepha njengakwabenyama, njengakwabayizingane kuKristu.
2. Nganiphuzisa ubisi, anganipha ukudla okuqinileyo, ngokuba beningakaqini. Yebo, nakalokhu anikaqini,
3. ngokuba niseyibo abenyama. Ngokuba uma kusekhona phakathi kwenu umhawu nokuphikisana, anisibo abenyama, anihambisi okwabantu na?
4. Ngokuba nxa omunye ethi: “Mina ngingokaPawulu,” omunye: “Mina ngingoka-Apholo,” anisibo abenyama na?
5. Pho, uyini u-Apholo? Uyini uPawulu na? Bayizikhonzi enakholwa ngazo, kwaba yilowo nalowo njengokupha kweNkosi.
6. Mina ngatshala, u-Apholo wanisela, kepha uNkulunkulu wakhulisa.
7. Njalo-ke notshalayo kalutho, noniselayo kalutho, kodwa uNkulunkulu okhulisayo.