1 Kwabasekorinte 3:1-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Nami-ke, bazalwane, bengingenakukhuluma kini njengakwabomoya kepha njengakwabenyama, njengakwabayizingane kuKristu.

2. Nganiphuzisa ubisi, anganipha ukudla okuqinileyo, ngokuba beningakaqini. Yebo, nakalokhu anikaqini,

3. ngokuba niseyibo abenyama. Ngokuba uma kusekhona phakathi kwenu umhawu nokuphikisana, anisibo abenyama, anihambisi okwabantu na?

4. Ngokuba nxa omunye ethi: “Mina ngingokaPawulu,” omunye: “Mina ngingoka-Apholo,” anisibo abenyama na?

5. Pho, uyini u-Apholo? Uyini uPawulu na? Bayizikhonzi enakholwa ngazo, kwaba yilowo nalowo njengokupha kweNkosi.

6. Mina ngatshala, u-Apholo wanisela, kepha uNkulunkulu wakhulisa.

7. Njalo-ke notshalayo kalutho, noniselayo kalutho, kodwa uNkulunkulu okhulisayo.

8. Otshalayo noniselayo bakunye, kepha yilowo nalowo uyakwamukeliswa owakhe umvuzo ngokomsebenzi wakhe.

9. Ngokuba thina siyizisebenzi kanye noNkulunkulu, nina niyinsimu kaNkulunkulu, niyisakhiwo sikaNkulunkulu.

10. Ngokomusa kaNkulunkulu engiwuphiweyo, njengenyanga yokwakha ehlakaniphileyo ngabeka isisekelo, omunye wakha phezu kwaso. Kepha akube yilowo nalowo aqaphele ukuthi wakha kanjani phezu kwaso.

11. Ngokuba akakho ongabeka esinye isisekelo, kuphela leso esibekiweyo, esinguJesu Kristu.

12. Kepha uma umuntu akha phezu kwaleso sisekelo ngegolide, nesiliva, namatshe anenani, nemithi, notshani, nenhlanga,

1 Kwabasekorinte 3