1 Kwabasekorinte 2:1-3 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Nami, bazalwane, ekufikeni kwami kini angifikanga ngobungcweti bokukhuluma nobokuhlakanipha, ngimemezele kini ubufakazi bukaNkulunkulu.

2. Ngokuba nganquma ukuthi angiyikwazi okunye phakathi kwenu, kuphela uJesu Kristu, lowo obethelwe esiphambanweni.

3. Mina ngangikini ngobuthakathaka, nangokwesaba, nangokuthuthumela okukhulu;

1 Kwabasekorinte 2