1 Kwabasekorinte 16:8-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Kepha ngizakuhlala e-Efesu, kuze kufike iPhentekoste;

9. ngokuba ngivulelwe umnyango omkhulu wethuba lokusebenza; nabamelene nami baningi.

10. Kepha nxa kufika uThimothewu, anobheka ukuba ahlale kini engenalo uvalo, ngokuba usebenza umsebenzi weNkosi njengami;

11. ngakho makungabikho omdelelayo. Nize nimphelekezele endleleni ngokuthula ukuba eze kimi, ngokuba ngimbhekile kanye nabazalwane.

12. Maqondana nomzalwane u-Apholo, ngamncenga kakhulu ukuba eze kini kanye nabazalwane; kepha kwakungesiyo intando yakhe neze ukuba eze manje; kodwa uyakuza nxa enethuba.

13. Lindani nigxile ekukholweni, nibe ngamadoda, nibe namandla.

14. Konke enikwenzayo akwenziwe ngothando.

15. Ngiyanincenga, bazalwane, niyayazi indlu kaStefana ukuthi ingulibo lwase-Akhaya nokuthi bazimisele ukukhonza abangcwele

16. ukuba nibathobele abanjalo nabo bonke abasebenzisana nabo bekhandleka.

17. Ngiyathokoza ngokufika kukaStefana noFortunatu no-Akhayiku, ngokuba bakufezile obekusilele ngakini.

18. Ngokuba bawuhlumelele umoya wami nowenu; ngakho baziseni abanjalo.

19. Amabandla ase-Asiya ayakhonza kini. O-Akwila noPriska bakhonza kakhulu kini eNkosini, kanye nebandla elisendlini yabo.

20. Abazalwane bonke bayakhonza kini. Bingelelanani ngokwanga okungcwele.

21. Nakhu ukukhonza kwami mina Pawulu ngesandla sami.

22. Uma umuntu engayithandi iNkosi, makabe ngoqalekisiweyo. Woza, Nkosi!

1 Kwabasekorinte 16