3. Ekufikeni kwami labo enibakhethayo ngizakubathuma, bephethe izincwadi, ukuba bayise izipho zenu zothando eJerusalema;
4. uma kufanele ukuba nami ngihambe, bayakuhamba kanye nami.
5. Kepha ngiyakuza kini, nxa sengidabulile iMakedoniya; ngokuba ngiyakudabula iMakedoniya;
6. kepha ngingahle ngihlale isikhathi kini, noma ngidlulise nobusika, ukuze ningiqhube lapho ngisuka ngiya khona.
7. Ngokuba angizukunibona manje nxa ngidlula; ngokuba ngithemba ukuhlala kini isikhathi, uma iNkosi ivuma.
8. Kepha ngizakuhlala e-Efesu, kuze kufike iPhentekoste;
9. ngokuba ngivulelwe umnyango omkhulu wethuba lokusebenza; nabamelene nami baningi.
10. Kepha nxa kufika uThimothewu, anobheka ukuba ahlale kini engenalo uvalo, ngokuba usebenza umsebenzi weNkosi njengami;
11. ngakho makungabikho omdelelayo. Nize nimphelekezele endleleni ngokuthula ukuba eze kimi, ngokuba ngimbhekile kanye nabazalwane.
12. Maqondana nomzalwane u-Apholo, ngamncenga kakhulu ukuba eze kini kanye nabazalwane; kepha kwakungesiyo intando yakhe neze ukuba eze manje; kodwa uyakuza nxa enethuba.
13. Lindani nigxile ekukholweni, nibe ngamadoda, nibe namandla.
14. Konke enikwenzayo akwenziwe ngothando.
15. Ngiyanincenga, bazalwane, niyayazi indlu kaStefana ukuthi ingulibo lwase-Akhaya nokuthi bazimisele ukukhonza abangcwele
16. ukuba nibathobele abanjalo nabo bonke abasebenzisana nabo bekhandleka.
17. Ngiyathokoza ngokufika kukaStefana noFortunatu no-Akhayiku, ngokuba bakufezile obekusilele ngakini.
18. Ngokuba bawuhlumelele umoya wami nowenu; ngakho baziseni abanjalo.