1 Kwabasekorinte 16:13-24 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Lindani nigxile ekukholweni, nibe ngamadoda, nibe namandla.

14. Konke enikwenzayo akwenziwe ngothando.

15. Ngiyanincenga, bazalwane, niyayazi indlu kaStefana ukuthi ingulibo lwase-Akhaya nokuthi bazimisele ukukhonza abangcwele

16. ukuba nibathobele abanjalo nabo bonke abasebenzisana nabo bekhandleka.

17. Ngiyathokoza ngokufika kukaStefana noFortunatu no-Akhayiku, ngokuba bakufezile obekusilele ngakini.

18. Ngokuba bawuhlumelele umoya wami nowenu; ngakho baziseni abanjalo.

19. Amabandla ase-Asiya ayakhonza kini. O-Akwila noPriska bakhonza kakhulu kini eNkosini, kanye nebandla elisendlini yabo.

20. Abazalwane bonke bayakhonza kini. Bingelelanani ngokwanga okungcwele.

21. Nakhu ukukhonza kwami mina Pawulu ngesandla sami.

22. Uma umuntu engayithandi iNkosi, makabe ngoqalekisiweyo. Woza, Nkosi!

23. Umusa weNkosi uJesu mawube nani.

24. Uthando lwami alube nani nonke kuKristu Jesu.

1 Kwabasekorinte 16