1 Kwabasekorinte 15:7-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. emva kwalokho wabonwa nguJakobe; ngasemuva wabonwa ngabaphostoli bonke;

8. ekugcineni kwabo bonke wabonwa nayimina enginjengozelwe kungakabi yisikhathi.

9. Ngokuba mina ngingomncinyane kubaphostoli, engingafanele ukuthiwa umphostoli, ngokuba ngazingela ibandla likaNkulunkulu.

10. Kepha ngomusa kaNkulunkulu ngiyikho engiyikho, nomusa wakhe kimi awubanga yize, kodwa ngasebenza kakhulu kunabo bonke; kepha akusimina kodwa ngumusa kaNkulunkulu okimi.

11. Ngakho-ke noma kuyimina noma kuyibona, sishumayela kanjalo, nakholwa kanjalo.

12. Kepha-ke uma uKristu eshunyayelwa ukuthi uvusiwe kwabafileyo, basho kanjani abanye phakathi kwenu ukuthi akukho ukuvuka kwabafileyo na?

13. Kepha uma kungekho ukuvuka kwabafileyo, akavuswanga naye uKristu.

14. Kepha uma uKristu engavuswanga kwabafileyo, ukushumayela kwethu kuyize, nokukholwa kwenu kuyize.

15. Yebo, sifunyanwa singofakazi bamanga ngoNkulunkulu, ngokuba safakaza ngoNkulunkulu ukuthi wamvusa uKristu, angamvusanga kambe, uma kanti abafileyo bengavuswa.

16. Ngokuba uma abafileyo bengavuswa, akavuswanga naye uKristu.

17. Kepha uma uKristu engavuswanga, ukukholwa kwenu akusizi lutho, nisesezonweni zenu.

18. Khona-ke nalabo asebalala bekuKristu babhubhile.

19. Uma singabathembela kuKristu kulokhu kuphila kuphela, singabokukhalelwa kunabantu bonke.

20. Kepha kalokhu uKristu uvusiwe kwabafileyo, engulibo lwabaleleyo.

21. Ngokuba lokhu ukufa kweza ngomuntu, ukuvuka kwabafileyo nakho kweza ngomuntu.

1 Kwabasekorinte 15