41. Iyodwa inkazimulo yelanga, iyodwa inkazimulo yenyanga, iyodwa inkazimulo yezinkanyezi; yebo, enye inkanyezi yahlukile kwenye inkanyezi ngokukhazimula.
42. Kunjalo nokuvuka kwabafileyo. Kuhlwanyelwa kunokubola, kuvuswa kungenakubola;
43. kuhlwanyelwa kunokudelwa, kuvuswa kunenkazimulo; kuhlwanyelwa kunobuthakathaka, kuvuswa kunamandla.
44. Kuhlwanyelwa kungumzimba wemvelo, kuvuswa kungumzimba womoya. Uma ukhona umzimba wemvelo, ukhona nowomoya.
45. Kanjalo futhi kulotshiwe ukuthi umuntu wokuqala u-Adamu waba ngumphefumulo ophilayo; u-Adamu wokugcina waba ngumoya ophilisayo.
46. Kepha okokuqala akusikho okomoya kodwa okwemvelo; bese kuba ngokomoya.
47. Umuntu wokuqala wavela emhlabeni, engowenhlabathi; umuntu wesibili uvela ezulwini.
48. Njengokuba enjalo owayengowenhlabathi, banjalo nalabo abangabenhlabathi; nanjengokuba enjalo ongowasezulwini, banjalo nabo abangabasezulwini.
49. Futhi njengokuba besinesimo songowenhlabathi, siyakuba nesimo songowasezulwini futhi.
50. Kepha ngisho lokhu, bazalwane, ukuthi inyama negazi akunakulidla ifa elingumbuso kaNkulunkulu; nokubola akulidli ifa elingukungaboli.
51. Bhekani, ngiyanitshela imfihlakalo; asiyikulala sonke, kepha siyakuguqulwa sonke,
52. ngesikhashanyana, ngokuphazima kweso, ngecilongo lokugcina; ngokuba icilongo liyakukhala, abafileyo bavuswe bengenakubola, thina siguqulwe.