1 Kwabasekorinte 15:39-44 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

39. Inyama yonke ayinhlobonye, kepha enye ngeyabantu, enye yinyama yezilwane, enye yinyama yezinyoni, enye ngeyezinhlanzi.

40. Ikhona nemizimba yasezulwini nemizimba yasemhlabeni; kepha inkazimulo yeyasezulwini iyodwa, neyasemhlabeni iyodwa.

41. Iyodwa inkazimulo yelanga, iyodwa inkazimulo yenyanga, iyodwa inkazimulo yezinkanyezi; yebo, enye inkanyezi yahlukile kwenye inkanyezi ngokukhazimula.

42. Kunjalo nokuvuka kwabafileyo. Kuhlwanyelwa kunokubola, kuvuswa kungenakubola;

43. kuhlwanyelwa kunokudelwa, kuvuswa kunenkazimulo; kuhlwanyelwa kunobuthakathaka, kuvuswa kunamandla.

44. Kuhlwanyelwa kungumzimba wemvelo, kuvuswa kungumzimba womoya. Uma ukhona umzimba wemvelo, ukhona nowomoya.

1 Kwabasekorinte 15