1 Kwabasekorinte 15:35-38 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

35. Kepha omunye uyakuthi: “Abafileyo bavuswa kanjani na? Beza benamzimba muni na?”

36. Wena ongaqondiyo, lokho okuhlwanyelayo wena akutholi ukuphila kungafanga;

37. futhi lokho okuhlwanyelayo awuhlwanyeli umzimba ozakuba khona kepha uhlamvu oluze, noma kungaba ngolukakolweni, noma kungaba ngolokunye;

38. kepha uNkulunkulu ulunika umzimba njengokuthanda kwakhe, yileyo naleyo mbewu owayo umzimba.

1 Kwabasekorinte 15