1 Kwabasekorinte 15:3-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. Ngokuba okokuqala nganinika lokho engakwamukela nami ukuthi uKristu wafa ngenxa yezono zethu njengokwemibhalo,

4. nokuthi wembelwa, nokuthi wavuswa kwabafileyo ngosuku lwesithathu njengokwemibhalo,

5. nokuthi wabonwa nguKhefase; wayesebonwa ngabayishumi nambili;

6. emva kwalokho wabonwa ngasikhathi sinye ngabazalwane abadlula amakhulu ayisihlanu, iningi labo lisekhona nakalokhu, kepha abanye sebelele;

1 Kwabasekorinte 15