29. Pho, bayakwenze njani ababhapathizelwa abafileyo na? Uma abafileyo bengavuki nempela, babhapathizelwani ngenxa yabo na?
30. Futhi sizifakelani thina engozini imizuzu yonke na?
31. Bazalwane, ngiyaqinisa ngokubongwa enginakho ngenxa yenu kuKristu Jesu iNkosi yethu, ngiyafa mihla yonke.
32. Uma ngalwa nezilo e-Efesu ngokwabantu, nginanzuzoni? Uma abafileyo bengavuki, masidle, siphuze, ngokuba ngomuso sizakufa.
33. Ningakhohliswa; ukujwayelana nababi konakalisa ukuziphatha okuhle.
34. Phaphamani ngokufaneleyo, ningoni; ngokuba abanye kabamazi uNkulunkulu; ngisho lokhu ukuba nibe namahloni.
35. Kepha omunye uyakuthi: “Abafileyo bavuswa kanjani na? Beza benamzimba muni na?”
36. Wena ongaqondiyo, lokho okuhlwanyelayo wena akutholi ukuphila kungafanga;
37. futhi lokho okuhlwanyelayo awuhlwanyeli umzimba ozakuba khona kepha uhlamvu oluze, noma kungaba ngolukakolweni, noma kungaba ngolokunye;