1 Kwabasekorinte 15:13-24 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Kepha uma kungekho ukuvuka kwabafileyo, akavuswanga naye uKristu.

14. Kepha uma uKristu engavuswanga kwabafileyo, ukushumayela kwethu kuyize, nokukholwa kwenu kuyize.

15. Yebo, sifunyanwa singofakazi bamanga ngoNkulunkulu, ngokuba safakaza ngoNkulunkulu ukuthi wamvusa uKristu, angamvusanga kambe, uma kanti abafileyo bengavuswa.

16. Ngokuba uma abafileyo bengavuswa, akavuswanga naye uKristu.

17. Kepha uma uKristu engavuswanga, ukukholwa kwenu akusizi lutho, nisesezonweni zenu.

18. Khona-ke nalabo asebalala bekuKristu babhubhile.

19. Uma singabathembela kuKristu kulokhu kuphila kuphela, singabokukhalelwa kunabantu bonke.

20. Kepha kalokhu uKristu uvusiwe kwabafileyo, engulibo lwabaleleyo.

21. Ngokuba lokhu ukufa kweza ngomuntu, ukuvuka kwabafileyo nakho kweza ngomuntu.

22. Ngokuba njengalokhu ku-Adamu bonke bayafa, ngokunjalo futhi kuKristu bonke bayakuphiliswa.

23. Kepha yilowo nalowo ngesigaba sakhe: uKristu kuqala, bese kuba ngabangabakaKristu ekufikeni kwakhe,

24. andukuba kufike ukuphela, nxa enikela umbuso kuNkulunkulu uYise, lapho esechithile ukubusa konke, nobukhosi bonke, namandla.

1 Kwabasekorinte 15