1 Kwabasekorinte 14:37-40 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

37. Uma umuntu ethi ungumprofethi, noma ethi ungowomoya, makaqonde ukuthi lokhu enginilobela khona kungumyalo weNkosi.

38. Kepha uma umuntu engazi, makahlale engazi.

39. Ngakho-ke, bazalwane bami, zondelelani ukuprofetha, ningakuvimbeli ukukhuluma ngezilimi.

40. Kepha konke makwenziwe ngemfanelo nangenhlelo.

1 Kwabasekorinte 14