1 Kwabasekorinte 14:26-32 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

26. Kunjani, pho, bazalwane? Uma nibuthana, yilowo nalowo uba nehubo, noma isifundiso, noma ukwambula, noma izilimi, noma ukuhumusha. Konke akwenzelwe ukwakhiwa kwebandla.

27. Uma-ke umuntu ekhuluma ngezilimi, akube ngababili, bangadluli kwabathathu, badedelane, omunye ahumushe;

28. kepha uma kungekho ohumushayo, kathule ebandleni, azikhulumele yena yedwa nakuNkulunkulu.

29. Abaprofethi-ke, kukhulume ababili noma babe bathathu, abanye bakuhlole.

30. Kepha uma kwambulwa utho komunye ohlezi khona, kathule owokuqala.

31. Ngokuba ningaprofetha nonke abanye ngabanye, ukuze bafunde bonke, balulekwe bonke;

32. imimoya yabaprofethi ithobela abaprofethi;

1 Kwabasekorinte 14