1 Kwabasekorinte 14:1-5 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Jongani uthando, futhi nizondelele iziphiwo zomoya, ikakhulu ukuba niprofethe.

2. Ngokuba okhuluma ngezilimi kakhulumi kubantu, kepha ukhuluma kuNkulunkulu; ngokuba kakho ozwayo, ukhuluma izimfihlakalo ngomoya.

3. Kepha oprofethayo ukhuluma kubantu kube ngukwakha, nokududuza, nokuqunga isibindi.

4. Okhuluma ngezilimi uyazakha yena, kepha oprofethayo wakha ibandla.

5. Nokho bengithanda ukuba nikhulume ngezilimi nonke, kepha kakhulu ukuba niprofethe; mkhulu kodwa oprofethayo kunokhuluma ngezilimi, uma engahumushi, ukuze ibandla lakheke.

1 Kwabasekorinte 14