1 Kwabasekorinte 14:1-4 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Jongani uthando, futhi nizondelele iziphiwo zomoya, ikakhulu ukuba niprofethe.

2. Ngokuba okhuluma ngezilimi kakhulumi kubantu, kepha ukhuluma kuNkulunkulu; ngokuba kakho ozwayo, ukhuluma izimfihlakalo ngomoya.

3. Kepha oprofethayo ukhuluma kubantu kube ngukwakha, nokududuza, nokuqunga isibindi.

4. Okhuluma ngezilimi uyazakha yena, kepha oprofethayo wakha ibandla.

1 Kwabasekorinte 14