1 Kwabasekorinte 14:1-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Jongani uthando, futhi nizondelele iziphiwo zomoya, ikakhulu ukuba niprofethe.

2. Ngokuba okhuluma ngezilimi kakhulumi kubantu, kepha ukhuluma kuNkulunkulu; ngokuba kakho ozwayo, ukhuluma izimfihlakalo ngomoya.

3. Kepha oprofethayo ukhuluma kubantu kube ngukwakha, nokududuza, nokuqunga isibindi.

4. Okhuluma ngezilimi uyazakha yena, kepha oprofethayo wakha ibandla.

5. Nokho bengithanda ukuba nikhulume ngezilimi nonke, kepha kakhulu ukuba niprofethe; mkhulu kodwa oprofethayo kunokhuluma ngezilimi, uma engahumushi, ukuze ibandla lakheke.

6. Manje-ke, bazalwane, uma ngiza kini ngikhuluma ngezilimi, ngiyakunisiza ngani, uma ngingakhulumi kini noma ngokwambula, noma ngokwazi, noma ngokuprofetha, noma ngokufundisa na?

7. Nezinto ezingenamphefumulo ezikhalayo, noma igenkle noma ihabhu*, uma zingakhali ngokwahlukeneyo, kuzakwaziwa kanjani okubethwa ngegenkle nangehabhu na?

8. Ngokuba uma icilongo likhala ngezwi elingaqondakaliyo, ngubani oyakuzilungiselela ukulwa na?

9. Kanjalo nani, uma ningakhiphi izwi elichachileyo ngolimi, kuzakwaziwa kanjani okukhulunywayo na? Ngokuba niyakube nikhuluma emoyeni.

10. Kukhona izinhlobo noma zingahle zibe zingaki zokukhuluma ezweni, kepha alukho olungasho okuthile.

11. Ngakho-ke uma ngingakwazi okuqondiwe ngokukhulunywayo ngiyakuba ngowezizwe nje kokhulumayo, nokhulumayo abe ngowezizwe kimi.

12. Ngokunjalo nani, lokhu nishisekele iziphiwo zomoya, funani ukuba nibe nazo kakhulu, ukuze kwakheke ibandla.

13. Ngakho-ke okhulumayo ngezilimi akhulekele ukuba akuhumushe.

1 Kwabasekorinte 14