1 Kwabasekorinte 13:8-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Uthando alusoze lwaphela; kepha nokuba kukhona ukuprofetha, kuyakukhawuka; nokuba kuyizilimi, ziyakunqamuka; nokuba kungukwazi, kuyakukhawuka.

9. Ngokuba sazi inxenye, siprofetha inxenye.

10. Kepha nxa sekufikile okupheleleyo, lokho okuyinxenye kuyakukhawuka.

11. Lapho ngisengumntwana, ngakhulumisa okomntwana, ngaqondisa okomntwana, ngazindlisa okomntwana; kuthe sengiyindoda, ngayeka okobuntwana.

1 Kwabasekorinte 13