1 Kwabasekorinte 13:4-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Uthando luyabekezela, uthando lumnene, alunamhawu, uthando aluzigabisi, aluzikhukhumezi;

5. aluziphathi ngokungafanele, aluzifuneli okwalo, alucunuki, alunagqubu;

6. aluthokozi ngokungalungile, kepha luthokozela iqiniso;

7. lubekezelela izinto zonke, lukholwa yizinto zonke, luthemba izinto zonke, lukhuthazelela izinto zonke.

8. Uthando alusoze lwaphela; kepha nokuba kukhona ukuprofetha, kuyakukhawuka; nokuba kuyizilimi, ziyakunqamuka; nokuba kungukwazi, kuyakukhawuka.

9. Ngokuba sazi inxenye, siprofetha inxenye.

10. Kepha nxa sekufikile okupheleleyo, lokho okuyinxenye kuyakukhawuka.

11. Lapho ngisengumntwana, ngakhulumisa okomntwana, ngaqondisa okomntwana, ngazindlisa okomntwana; kuthe sengiyindoda, ngayeka okobuntwana.

12. Ngokuba manje sibona esibukweni kalufifi; kepha lapho sobukana ubuso nobuso; manje ngazi inxenye, kepha lapho, ngiyakwazi ngokuphelele, njengokuba kade ngaziwa ngokuphelele.

1 Kwabasekorinte 13