1 Kwabasekorinte 12:3-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. Ngakho ngiyanazisa ukuthi: Akukho muntu okhuluma ngoMoya kaNkulunkulu ongathi: “Kathukwe uJesu;” futhi akukho muntu ongathi: “UJesu uyiNkosi,” kuphela ngaye uMoya oNgcwele.

4. Kepha kukhona iziphiwo zomusa ezahlukeneyo, kepha nguye lowo Moya.

5. Kukhona izinkonzo ezahlukeneyo, kepha yiyo leyo Nkosi.

6. Kukhona imisebenzi yamandla eyahlukeneyo, kepha nguye lowo Nkulunkulu osebenza konke kubo bonke.

7. Kepha yilowo nalowo uphiwa okubonakalisa uMoya kube ngokokusiza.

8. Ngokuba omunye uphiwa ngoMoya izwi lokuhlakanipha, kepha omunye izwi lokwazi ngaye lowo Moya,

9. omunye ukukholwa kuye lowo Moya, omunye iziphiwo zokuphulukisa kuye uMoya munye,

1 Kwabasekorinte 12