1 Kwabasekorinte 12:10-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. omunye ukwenza imisebenzi yamandla, omunye ukuprofetha, omunye ukwahlukanisa omoya, omunye ukukhuluma izilimi ngezilimi, omunye ukuhumusha izilimi.

11. Kepha konke lokho kusetshenzwa nguyena lowo Moya munye, ebabela yilowo nalowo ngokwakhe njengokuthanda kwakhe.

12. Ngokuba njengomzimba umunye, kepha unezitho eziningi, nezitho zonke zomzimba, nokuba ziziningi, zingumzimba munye, unjalo-ke noKristu.

13. Ngokuba ngaMoya munye thina sonke sabhapathizwa sibe mzimba munye, noma singabaJuda noma singamaGreki, noma siyizigqila noma singabakhululekileyo; thina sonke saphuziswa Moya munye.

14. Ngokuba umzimba awusiso isitho sinye kodwa eziningi.

15. Uma unyawo luthi: “Lokhu ngingesiso isandla, angisikho okomzimba,” nokho luyikho okomzimba.

16. Noma indlebe ithi: “Lokhu ngingesilo iso, angisikho okomzimba,” nokho iyikho okomzimba.

17. Uma umzimba wonke ubuyiso, ukuzwa ngabe kuphi na? Uma wonke ubungukuzwa, ukunuka ngabe kuphi na?

18. Kepha kalokhu uNkulunkulu umisile izitho zonke, yileso naleso emzimbeni ngokuthanda kwakhe.

19. Uma kambe zonke ziyisitho sinye, umzimba ngabe uphi na?

20. Kepha kalokhu izitho ziningi, kodwa umzimba munye.

1 Kwabasekorinte 12