1 Kwabasekorinte 12:1-5 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kepha maqondana neziphiwo zokomoya angithandi, bazalwane, ukuba ningabi nakwazi.

2. Niyazi ukuthi nisengabezizwe naholekela kuzo izithombe eziyizimungulu, nakuba naholwa kanjalo.

3. Ngakho ngiyanazisa ukuthi: Akukho muntu okhuluma ngoMoya kaNkulunkulu ongathi: “Kathukwe uJesu;” futhi akukho muntu ongathi: “UJesu uyiNkosi,” kuphela ngaye uMoya oNgcwele.

4. Kepha kukhona iziphiwo zomusa ezahlukeneyo, kepha nguye lowo Moya.

5. Kukhona izinkonzo ezahlukeneyo, kepha yiyo leyo Nkosi.

1 Kwabasekorinte 12