1. Ngokuba angithandi, bazalwane, ukuba ningazi ukuthi okhokho bethu bonke babephansi kwefu, bonke badabula ulwandle;
2. bonke baphapathizwa kuMose efwini naselwandle;
3. bonke badla kudla kunye komoya;
4. bonke baphuza kuphuza kunye komoya; ngokuba baphuza edwaleni lomoya elabalandelayo. Idwala lelo lalinguKristu.
5. Kepha iningi labo uNkulunkulu wayengathokozi ngabo; ngokuba bashaywa phansi ehlane.
6. Kepha lokho kwaba yizibonelo kithi, size singafisi okubi, njengalokho bona babekufisa.
7. Futhi ningabi ngabakhonza izithombe njengabanye kubo, njengokulotshiweyo ukuthi: “Abantu bahlala phansi ukuba badle, baphuze, basukuma ukuba badlale.”