1 Kwabasekorinte 10:1-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ngokuba angithandi, bazalwane, ukuba ningazi ukuthi okhokho bethu bonke babephansi kwefu, bonke badabula ulwandle;

2. bonke baphapathizwa kuMose efwini naselwandle;

3. bonke badla kudla kunye komoya;

4. bonke baphuza kuphuza kunye komoya; ngokuba baphuza edwaleni lomoya elabalandelayo. Idwala lelo lalinguKristu.

5. Kepha iningi labo uNkulunkulu wayengathokozi ngabo; ngokuba bashaywa phansi ehlane.

6. Kepha lokho kwaba yizibonelo kithi, size singafisi okubi, njengalokho bona babekufisa.

7. Futhi ningabi ngabakhonza izithombe njengabanye kubo, njengokulotshiweyo ukuthi: “Abantu bahlala phansi ukuba badle, baphuze, basukuma ukuba badlale.”

1 Kwabasekorinte 10