13. UKristu wahlukanisiwe yini? UPawulu wabethelwa esiphambanweni ngenxa yenu na? Nabhapathizwa egameni likaPawulu na?
14. Ngibonga uNkulunkulu ngokuba ngingabhapathizanga muntu kini, kuphela oKrispu noGayu,
15. funa kube khona othi nabhapathizwa egameni lami.
16. Kodwa ngabhapathiza nabendlu kaStefana; ngaphandle kwalokho angazi ukuba ngabhapathiza omunye.
17. Ngokuba uKristu kangithumanga ukuba ngibhapathize, kepha ukuba ngishumayele ivangeli, kungabi ngokuhlakanipha kwamazwi, funa isiphambano sikaKristu senziwe ize.
18. Ngokuba izwi lesiphambano kwababhubhayo lingubuwula, kepha kithina esisindiswayo lingamandla kaNkulunkulu.
19. Ngokuba kulotshiwe ukuthi:“Ngiyakuchitha ukuhlakanipha kwabahlakaniphileyo,nokuqonda kwabaqondileyo ngikwenze ize.”
20. Siphi isazi na? Uphi umbhali na? Uphi umphikisi walesi sikhathi na? UNkulunkulu kakwenzanga kube yize ukuhlakanipha kwaleli zwe na?
21. Ngokuba njengalokho ekuhlakanipheni kukaNkulunkulu izwe alimazanga uNkulunkulu ngokuhlakanipha kwalo, kwaba kuhle kuNkulunkulu ukusindisa abakholwayo ngobuwula bentshumayelo.
22. Ngokuba abaJuda babiza izibonakaliso, namaGreki afuna ukuhlakanipha,
23. kepha thina sishumayela uKristu obethelwe esiphambanweni, isikhubekiso kubaJuda, ubuwula kubo abezizwe,