1 Kuthimothewu 5:8-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Kepha-ke uma umuntu engabondli abakubo, kakhulu abakwakhe, ukulahlile ukukholwa, mubi kunongakholwayo.

9. Makangafakwa esibalweni umfelokazi, uma engaphansi kweminyaka engamashumi ayisithupha, owabe ngumfazi wendoda inye,

10. ebongwa ngemisebenzi emihle, uma ondlile abantwana, uma engenisile izihambi, uma egezile izinyawo zabangcwele, uma esizile abahluphekayo, uma ekhuthalele umsebenzi wonke omuhle.

11. Kepha abafelokazi abasha ubenqabe; ngokuba uma sebetamasile bedela uKristu, bafuna ukugana;

12. banokulahlwa, ngokuba bechithile ukukholwa kwabo kokuqala.

13. Futhi-ke bafunda nokuvilapha, bezula izindlu ngezindlu, bengavilaphi kuphela, kepha behleba, bezigaxa ngokungekwabo, bekhuluma okungafanele.

14. Ngakho-ke ngithanda ukuba abafelokazi abasha bagane, bazale abantwana, baphathe indlu yabo, bangasiniki isitha ithuba lokuthuka.

15. Ngokuba nakalokhu abanye sebechezukele kuSathane.

16. Uma owesifazane okholwayo enabafelokazi, makabasize, ibandla lingasindwa, ukuze lisize abafelokazi boqobo.

17. Amalunga aphatha kahle akuthiwe afanele ukutuswa ngokuphindiweyo, ikakhulu lawo akhuthalela izwi nokufundisa.

18. Ngokuba umbhalo uthi: “Ungayifaki isifonyo inkabi ebhulayo,” futhi: “Isisebenzi siyifanele inkokhelo yaso.”

1 Kuthimothewu 5