1 Kuthimothewu 5:6-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. kepha lowo ozinikela ekutamaseni ufile esekhona.

7. Yala ngalezo zinto, ukuze bangabi nokusoleka.

8. Kepha-ke uma umuntu engabondli abakubo, kakhulu abakwakhe, ukulahlile ukukholwa, mubi kunongakholwayo.

9. Makangafakwa esibalweni umfelokazi, uma engaphansi kweminyaka engamashumi ayisithupha, owabe ngumfazi wendoda inye,

10. ebongwa ngemisebenzi emihle, uma ondlile abantwana, uma engenisile izihambi, uma egezile izinyawo zabangcwele, uma esizile abahluphekayo, uma ekhuthalele umsebenzi wonke omuhle.

11. Kepha abafelokazi abasha ubenqabe; ngokuba uma sebetamasile bedela uKristu, bafuna ukugana;

12. banokulahlwa, ngokuba bechithile ukukholwa kwabo kokuqala.

13. Futhi-ke bafunda nokuvilapha, bezula izindlu ngezindlu, bengavilaphi kuphela, kepha behleba, bezigaxa ngokungekwabo, bekhuluma okungafanele.

1 Kuthimothewu 5